Umqeqeshi osanda kulaxazwa yiMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi angalibamba ngezandla zombili ithuba lokubuyela kwiLamontville Golden Arrows ngoba yamnikeza ingqayizivele yethuba lokucija esigabeni esiphezulu enganawo amava.
UMngqithi uchithwe yiBafana Ba Style ngoLwesibili, indawo yakhe yathathwa uMiguel Cardoso ongowokudabuka ePortugal.
I-Arrows nayo ishoda ngomqeqeshi kulandela ukusula esikhundleni kukaMabhudi Khenyeza okubikwa ukuthi ubesebenza ngaphandle kwenkontileka.
Ekhuluma noRobert Marawa emsakazweni iRadio 947, uMngqithi uthe uzoqala ahlaziye neminye imisebenzi ngaphambi kokuthatha isinqumo ngekusasa lakhe.
“Ngizohlezi ngivulelekile ukusiza iGolden Arrows ngoba ngifana nomuntu oyikweletayo. I-Arrows yanginikeza ithuba lingekho iqembu elalingaqasha mina eNingizimu Afrika ngaleso sikhathi.
“Ngathatha izintambo iqembu liyibambe emsileni ngamaphuzu angu-12 ngemuva kwemidlalo engu-15. Umphathi wakhomba mina uqobo, wanginikeza isihlalo sokuqeqesha ngoba ekholelwa kimi. Akazange akhulume eyokuba yibamba.
“Ngiyohlezi ngikubonga ukungethemba abangikhombisa khona ngoba kuyimvelakancane ukuthi kuqashwe umqeqeshi ongakaze aqeqeshe kuPSL, ezozama ukuhlenga isitifiketi sika-R50 million,” kusho uMngqithi.
“Ngangilekelela njengephini unyaka nohhafu ngaphambi kokuhlabana ngethuba lokuqeqesha. Ngivulelekile ukuyosiza kuleloqembu. Angeke ngiliyeke ithuba uma livela kodwa ngizobheka neminye imisebenzi ebekwa etafuleni,” kuchaza uMngqithi.
Ebuzwa ngezingxoxo ne-Arrows, uMngqithi ungene ezintangeni.
“Angifuni ukuphawula ngezinto ezenzakalayo njengamanje,” kusho uMngqithi.