Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler usephinde wabongela uKhanyisa Mayo oshaye igoli elinqobise iCityzens ngo 2-1 ibhekene neChippa United kwiDSTV Premiership.
UMayo usevalele enethini amagoli ayisithupha kwiligi kulesizini. Ngesizini ka-2022/23, uMayo ushaye amagoli awu-12 kwiligi, ayelingana nakaPeter Shalulile weMamelodi Sundowns.
Lo mgadli uyiqale ngegiya eliphansi isizini njengoba kudlule imidlalo emine engakaze abhakuzise inethi.
UMayo uqale ukubhakuzisa inethi behlulwa AmaZulu ngo 3-2 eMoses Mabhida Stadium. Kusukela lapho, uMayo useshaye amagoli amahlanu emidlalweni emine eyedlule.
“Ngachaza ekuqaleni ukuthi uMayo ubeshoda nģokuzikhandla. Amagoli azozifikela uma ezobona isidingo sokuzikhandla enkundleni.
“Kuzoba nzima uma engeke asebenze ngokuzinikela. Kuynancomeka ukubona uMayo efukuza. Akazange akhononde yize ngimbeke ophondweni namuhla.
“Kuyenzeka ngimshintshe indawo kodwa engakhonondi. Ngimbuyisele endaweni yomgadli kodwa waqhubeka nokufukuza. Lokho kukhombisa ukuvuthwa kukaMayo,” kuchaza uTinkler ekhuluma nabezindaba.
UMayo ulingana noTshegofatso Mabasa weMoroka Swallows noBradley Grobler weSuperSport United, bobathathu abagadli asebeshaye amagoli ayisithupha kwiligi.
UMayo usanda kuphula irekhodi lokushaya amagoli amaningi kwiCityzens ebeliphethwe uMduduzi Mdantsane osejoyine iKaizer Chiefs. UMdantsane wavalela enethini amagoli angu-21.