Umdlali we-Orlando Pirates oshaye into ecokeme ngesizini yakhe yokuqala kwiBucs, uMiguel Timm, uthi bafuna ukulwela isicoco seligi kule sizini.

UTimm unqobe iMTN8 neNedbank Cup ngesizini edlule, kanti kulokhu uthi bahlela ukuba sembangweni wesicoco seligi.

“Kunezinto okumele senze kangcono kuzo, enye yalezo zinto ukuqinisekisa ukuthi sesembangweni weligi. Siyazi sasho okufanayo ngesizini edlule kodwa saphumela obala ngokuhluka kwethu engicabanga ukuthi kwaba yinto enhle. Sinelinye ithuba lokuzama futhi,” kusho uTimm engxoxweni neSABC Sport.

Lo mdlali ulindele ukudlala kangcono kwisizini yakhe yesibili kwiBucs ngoba useqala ukujwayela ukudlalela elinye lamaqembu amakhulu kuleli.

IPirates izovula isizini ngomdlalo neStellenbosch FC ngoMqgibelo ngo-8 ebusuku