Unozinti ovuselele inkontileka yakhe kwiKaizer Chiefs uBrandon Peterson uthembise ukusiza iqembu liqede ishobolo leminyaka lokunganqobi izindebe. 

IChiefs imemezele ukuthi uPeterson usayine inkontileka ezophela ngoJuni wango-2026. 

Lonozinti ubeyisethenjwa ekuqaleni kwesizini kusekhona uMolefi Ntseki owagcina exoshiwe ngenxa yokubhinjelwa imiphumela. 

UPeterson uziqhathe nabalandeli beqembu ngokungagculisi ezintini ngenxa yokuba  namaphutha emidlalweni eminingi. Lamaphutha abedlisela iqembu, okuphoqe ukuthi ashintshwe ngo-Itumelenge Khune noBruce Bvuma. 

“Ngiyajabula ngokuqhubeka ngihlale kwiKaizer Chiefs. Kufanele siqhubeke nokuzikhandla siyimbumba ukuze sizojabulisa uSihlalo nezinkumbi zabalandeli ngokubanqobela izindebe,” kuchaza uPeterson ecashunwa yi-website yeqembu. 

IChiefs igixabeze uBvuma ngenkontileka yeminyaka emibili ezophela ngoJuni wango-2026. 

UBvuma uyena oseyisethenjwa ezintini selokhu kwabamba uCavin Johnson kwesokuqeqesha. 

“Ngizizwa ngithobekile ngokunikezwa ithuba lokuqhubeka kwiKaizer Chiefs. Iqembu lifana nekhaya kimi, ngifuna ukubonga ngokuzikhandla ejimini ukuze neqembu lizozama ukunqoba izindebe,” kuchaza uBvuma. 

UNkosingiphile Ngcobo unikezwe inkontileka yeminyaka emibili, enombandela wokwelulwa ngomunye unyaka. 

UNgcobo unegoli elilodwa kulesizini, alishaya benqoba ngo 1-0 bebhekene neRichards Bay koweligi. 

“Ngizozikhandla ukuze ngizobuyisela eqenjini. Sizama ngokusemandleni ukuze sizonqoba indebe, kujabule izinkumbi zabalandeli bethu,” kuchaza uNgcobo.