Umdlali we-Ivory Coast uFranck Kessie uthi iqembu lakhe labuyelwa ukuzethemba ngesikhathi lingena ngembobo yenaliti esigabeni somkhumulajezi kwi-African Cup of Nations (AFCON). 

I-Ivory Coast izibekisele ngendawo kowamanqamu ngemuva kokuguqisa iDemocratic Republic of Congo ngo 1-0. Kusize uSebastien Haller oshaye igoli elidlulise ama-Elephants kukubi e-Ebimpe Olympic Stadium izolo. 

Ukudlulela kowamanqamu kushintshe izinto kuleliqembu elaphunyuka sekuminciwe ngesikhathi lingena kwi-last 16.

Ama-Elephants anenebulwa ngo 4-0 ebhekene ne-Equatorial Guinea emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngomhlaka 22 January. 

“Angeke ulahle ithemba uma kusekhona ithuba lokwenza ushintsho. Ibhola lihle ngoba wonke amaqembu anethuba lokuwina. 

Umphumela weMorocco wabuyisa ukuzethemba eqenjini ngoba sabona ukuthi sizodlulela esigabeni somkhumulajezi. 

Sabuyelwa amandla nokuzethemba. Sabona ithuba lokwenza kangcono ukudlula isigaba samaqoqo. Kufanele siqhubeke nokuzimisela, singalilahli ithemba emdlalweni wamanqamu,” kubeka uKessie ekhuluma nabeCAF Online.

I-Ivory Coast izobhekana neNigeria kowamanqamu ngeSonto. Lamaqembu azobe esetholana okwesibili kulomqhudelwano njengoba iNigeria yanqoba ngo 1-0 emdlalweni wamaqoqo.