Phumelele Nxumalo

Lilindewlwe ngabomvu icwecwe elithenjiswe abalandeli ngumrepha wakuleli u Refiloe ‘Casper Nyovest’ Phoolo.

UCasper Nyovest umemezele ukuphuma kwe-albhamu yakhe esihloko sithi ‘Any Minute Now’ ekhasini lakhe likaTwitter lapho aphinde wadalula khona nokuthi leli gama ulisusele emlindweni wakhe nesithandwa sakhe belindele indodana yabo ezozalwa. UCasper uncome ikhono lomculi uSamkelo ‘Samthing Soweto’ Mdolomba ongomunye wabaculi asebenze nabo kule albhamu.

“USamthing Soweto ungumculi onekhono kakhulu. Unezwi elimtoti elikhethekile. Kudala ngifisa ukusebenza naye kanti ungibusisile namhlanje,” kubhala uCasper.

Lo mrepha uphinde wadalula ukuthi kule albhamu yakhe uzobe ebophele uswidi wodwa njengoba esebenze nesilomo somculo we-Hip Hop esiphinde sibe yisibonelo kuyena uBonginkosi ‘Zola 7’ Dlamini.

“Aniqondi ukuthi angisakwazi nokulinda ukuba nizwe lento engiyiqopha noZola!!! Njengamanje, le-albhamu ikwedlule konke ebengikulindele!!! Unkulunkulu kuphela, ngiyazibonela nje, sekungaphezu kwamandla ami,” kubhala yena.

Le-albhamu kulindeleke ukuthi iphume ngoSepthemba 11.