Sanele Dlamini
Uzidonsele amanzi ngomsele uphrojusa womculo weHouse osanda kuhlabana ngendondo kumaSouth African Music Awards uPrince Kaybee egexeka abebeshayela ihlombe owayeyisoka likaZodwa Wabantu ngezindaba zakamuva ezivelile ngaye.
UZodwa Wabantu muva nje usanda kuphumela obala esola uVusi ngokumqola imali noma engacacisanga ukuthi ukwenze kanjani lokhu. Uveze ukuthi usebenzise igama lakhe ukuthola imoto kwa-Audi muva nje waphinde waveza nokuthi kunento ethile eyaziwa yibo bobabili afuna ayibuyise.
Okuvezwe uZodwa kwenze abanye abantu bamshayela ihlombe uVusi ngokuzwisa uZodwa umuthi ovame ukuphuziswa abantu besilisa abakhulile uma sebehlukene nabantu besifazane abancane kunabo. Indlela ashayelwe ngaye ihlombe kuze kwaqalwa ihashtag ethi #vusiforpresident.
Ephawula kulolu daba uPrince Kaybee uyigxekile le hashtag wathi kunento engalungile ngabantu bakuleli uma kubajabulisa ukubona ubudlelwano babanye bungapheli kahle.
That #VusiForPresident hashtag is wrong gents. We can’t invest in “hype hate” like this, we can’t celebrate men for hurting women or women for hurting men. There’s something deeply wrong with us if toxic r/ships excite us.
— K A B I L L I O N (@PrinceKaybee_SA) August 11, 2020
Mnikeni iphenti lakhe pic.twitter.com/s6s5LnNalM
— $the Khumalo🇿🇦 (@sthe_213) August 11, 2020
I wish that tweet was tweeted when Will Smith was suffering… Kodwa ke awuthi ngithule. pic.twitter.com/p88KmYc2VS
— Cellular ❁ (@robzinterris) August 11, 2020
Wena Kheybhi next year masiya kuMen Conference wena uzosala ngaphandle ugade izimoto.
— Michael Mthembu🇿🇦 🇺🇸 (@MichaelMkhulisi) August 11, 2020
I'm so glad it came out of a straight man's mouth. I was so surprised to see grown men justify that behaviour by bringing up what Jada did to Will. Prince Kaybee I want you to be the main speaker at the Men's Conference
— Dineo Ntswam (@DNtswam) August 11, 2020
So kumnandi when y'all say "Finish her wena girl; Qhubeka ore asibanyise" pic.twitter.com/8rw8PndQwl
— Y A Z I😩 (@Bebonke_J) August 11, 2020