Umdlali weKaizer Chiefs oyibambama esiswini uThabo Cele useveze izinto ezimbalwa athi basazama ukuzilungisa abaiqaphe emdlalweni emibili yeBetway Premiership asebeyidlalile.
UCele, ongomunye wabadlali abamqoka esikwatini seChiefs njengoba evame ukuqala imidlalo eminingi, uthi noma beqale ngonyawo oluhle kule sizini, kunezinto abasafuna ukuzilungisa ukuze badlale kangcono.
“Uma udlalela leli qembu kunezinto ezihlale zilindelekile kuwe – sidlalela leli qembu ngoba siyakwazi ukumelana nezinto ezifunwa abalandeli balo,” kusho uCele ekhuluma nabezindaba eNaturena izolo.
“Siyakwazi ukumelana nabakufunayo, okuwukubona iqembu lithola imphumela emihle, okuyinto esesiqalile ukuyenza.
“Kodwa uma sikhuluma iqiniso sisazama ukudlala kangcono, ikakhulukazi uma sikhuluma ngokwakha amathuba [okukora], ukuvimba kangcono emuva, nokuthi sikhula kanjani umdlalo ngomdlalo.
“Uma ubuka umdlalo weStellenbosch, yathola inqwaba yamathubua, sizama ukwehlisa leyonto uma sibhekene namaqembu, kube yithi esiphuma namathuba amaningi okukora.”
IChiefs izobhekana neRichards Bay FC koweBetway Premiership namhlanje eFNB Stadium.