Amakhosi kulindeleke ukuthi amemezele umgadli uLuke Baartman (19) njengomdlali omusha weqembu kuleli sonto ngemuva kokukhishwa phambili kwalo mdlali odabeni abelubanga neCape Town Spurs.
Njengo-Asanele Velebayi, iPremier Soccer League Dispute Resolution Chamber, ikhiphe isinqumo sokuthi lo mdlali kufanele athole amaphepha azomvumela ukuthi ajoyine noma yiliphi iqembu elidlala ibhola elikhokhelwayo njengoba iSpurs isithathwa njengeqembu lama-amesha.
Lokhu kusho ukuthi iChiefs isingamsayinisa, imbhalise nePSL uLuke Baartman njengoba yayifisa ukwenza ngaphambi kohambo lwaseNetherlands.
UBaartman kulindelek ukuthi aqale ajweyezwe indlela yeKhosi ngokuxuba ukudlalela ifirst team nama-reserves njengoba ayenza ngesizini yokugcina yeSpurs kwiBetway Premiership.
Amakhosi asevele amemezele abagadli abasha okungu-Flavio Silva no-Etiosa Ighodaro, abazobanga indawo noWandile Duba, Ashley Du Preez noNaledi Hlongwane.