Umdlali oyibamba esiswini eqenjini leBafana Bafana elidlala kwiHollywoodbets COSAFA Cup, uThabo Cele, useveze ukuthi ngeke azithele ngabandayo uma kuneqembu elidlala kwiDStv Premiership elifisa ukumsayinisa.

Lo mdlali (26) uveze lokhu ekhuluma noKhozi FM ngemuva kokunikezwa indondo yeMan of the Match emdlalweni ngemuva komdlalo weNingizimu Afrika neNamibia ophele ngo 1-1.

Ngesizini edlule ubefunwa yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns kuleli kodwa wagcina engabuyanga.

“Ngisayilambele impumelelo, yingakho ngikhethe ukuzodlalela iqembu lesizwe kulo mqhudelwano. Kuningi okulindelekile kimina, ngifuna ukuqinisekisa ukuthi ngiyakwenza konke.

“Ngeke ngithi angisabuyi kuleli…mhlawumbe ngizobuya noma ngisanesifiso sokukhula e-Europe. Angazi ikusasa lingiphatheleni ngakho ngeke ngithi nginganqaba ukudlalela iqembu lePSL.”

Lo mdlali uqhube waveza ukuthi ufuna ukusebenzisa iCOSAFA Cup ukuzidayisa kumaqembu akuleli.