Usecasule ngisho abadlali bePSG abasha umgadli waseFrance uKylian Mbappe kulandela ukugxeka izinhlelo zeqembu ngaphambi kwesizini ka-2023/2024.
IFrench Football Magazine isanda kushicilela inkulumo ekhethekile noMbappe lapho aveza khona izinkinga abhekene nazo ngokudlalela iPSG. Kule nkulumo uMbappe usola iPSG ngokuba yiqembu elihlale linezinkulumo nezingxabano ngaphakathi. Uthe kugcwele nabantu abahlebayo kuleli qembu.
Uthe ukudlalela iPSG akumsizi ngalutho ngoba abalandeli bahlale belindele ukuthi abhakuzise inethi kuyo yonke imidlalo, ngisho uma edlale kahle uma engakoranga kusuka izinkulumo.
Kubikwa ukuthi inkulumo kaMbappe, eyaqoshwa ngenyanga edlule icasule ngisho abadlali abasanda kujoyina abakhala ngokuthi sebezongena ezinkulumweni abangazazi.
IPSG isanda kunqumela uMbappe ugwayi katiki imazisa ukuthi uzodayiswa kuleli windi uma engavumi ukwelula inkontileka yakhe ephela ngo-2024 ngoJune.
Lo mdlali kulindeleke ukuthi ajoyine iReal Madrid uma esuka kwiFrench League, nayo ayigxekile ngokungaqini.