Umqeqeshi weManchester United u-Erik ten Hag uthi izobhekana nomdlalo onzima iManchester City kowamanqamu weFA Cup futhi uyazi bangayishaya kanjani.

UTen Hag uveze lokhu kulandela ukuzibekisela indawo kowamanqamu ngokushaya iBrighton & Hove Albion kumapenalty kade zibambene ngo 0-0.

Lo mqeqeshi uncome abadlali bakhe ngokuqina ukhakhayi kulo mdlalo wathi bakwaze ukumelana nakho konke iBrighton ebikuzama enkundleni.

“Kumele sifunde ukudlala kangcono ngaphansi kwezimo ezinzima ikakhulukazi uma sidlala ekuhambeni,” kusho uTen Hag kwazise iqembu lakhe lisanda kushaywa ngo 3-0 eSpain likhishwa kwi-Europa League.

UTen Hag uthe uyazi bangayishaya kanjani iCity njengoba bayishaya ngo 2-1 e-Old Trafford ngoJanuary nonyaka.

“Ngeke ngiwadalule amaqhinga ethu…sifuna ukwenza konke okusemandleni ukunikeza abalandeli bethi inkomishi yesibili kule sizini. Ngeke kube lula ngoba sizobhekana neqembu elinzima kodwa nathi siphethe abadlali abasezingeni eliphezulu futhi singabashaya.”