Kubukeka uzoba phakathi kweManchester United nePSG umbango womgadli waseNigeria ogqilaza inethi kwiSerie A, uVictor Osimhen.
Ngokwezindaba ezivele kule mpelasonto iPSG izimisele ngokusayinisa lo mdlali ozobiza imali ebalelwa ngaphezulu kuka-$100m. IPSG izama ukuqinisa abadlali bayo baphambili njengoba kungacaci ngekusasa likaKylian Mbappe. NoLionel Messi kubikwa ukuthi angase angayivuselile inkontileka yakhe kuleli qembu okwenza lidinge ukuphuthuma ukusayinisa abadlali abasha abahlaselayo njengoba kuvela nokuthi uNeymar uzimisele ngokushiya uma kuphela isizini.
IMan United nayo idinga umgadli, kubikwa ukuthi uTen Hag uzimisele ngokusayinisa u-Osimhen ngoba uzohambisana nohlobo lwamaqhinga afisa ukuwasebenzisa ngesizini ka-2023/2024. Elinye iqembu elicuthele lo mdlali futhi elingase ligcine liwaphuce iqatha emlomeni amanye yiChelsea…
Sisakhuluma ngeChelsea, ibalwa emaqenjini afuna uNeymar uma eyishiya ngempela iPSG. Lo mdlali kuthiwa usekhathele ukudlala kuLigue 1 futhi uzimisele ngokudlala kwiPremier League noma kwiSerie A.
___________________________________________________________________________________________________________
IBarcelona icabanga ukusayinisa uZaha
IFC Barcelona kuthiwa ihlongoza ukusayinisa uWilfred Zaha ophelelwa yinkontileka kwiCrystal Palace uma kuphela isizini. Leli qembu lisanenkinga yezimali ngakho kuzomele liqale lidayise abadlali ngaphambi kokuthi likwazi ukubhalisa abasha.
UZaha sekunesikhathi ehudula izinyawo ezingxoxweni eziphakathi kwakhe nePalace ngenkontileka entsha. Ngaphandle kukaZaha, noRoberto Firmino engazithola ebheke eCatalan njengoba naye iphela inkontileka kwiLiverpool.
________________________________________________________________________________________________________________
I-Agent ka-Emerson ithi angangena khaxa kwiMadrid
Umdlali waseBrazil, u-Emerson Royal, kuthiwa usehlela ukubuyela eSpain futhi engathanda ukudlalela iReal Madrid nakuba efike e-England esuka kwiBarcelona.
Lo mdlali wahlala isizini eyodwa kwiBarca wadayiswa njengendlela yokwenza imali esheshayo kwazise isanenkinga yezimali.
Lo mdlali usengomunye wabadlali abangcono kwiSpurs nakuba efike wathwala kanzima esaqala ukudlala kwiPremier League.
IMadrid kulindeleke ukuthi isayinise uRB uma kuphela isizini njengoba selehlile izinga kuDani Carvajal.