Umqeqeshi weMan United u-Erik ten Hag usole abadlali bakhe ngokuphisana ngamagoli athambile ngesikhathi beguqiswa yiBrighton & Hove ngo 2-1 ngoMgqibelo.

I-United ishaye edume ngazo ngaphansi kwalo mqeqeshi idliwa ngomzuzu wokugcina womdlali kumdlalo ebingawunqoba.

Igoli lokuqala leBrighton livalelwe wuDanny Welback ngomzuzu ka-32, elokunqoba lashaywa wuJoao Pedro esikhathini esengeziwe sekuyophela umdlalo. I-United ibike ngelika-Amad Diallo, ebeliyi-deflection.

Ekhuluma ngemuva komdlalo lo mqeqeshi ukhombe abadlali bakhe basemuva ngokuphisana ngamagoli.

“Kuninigi esingakwenzanga ngendlela. Kumele ngabe wonke umuntu uyawazi umsebenzi wakhe uma singaliphethe ibhola, sivikela igoli.

“Sihlulekile ukuvimba ibhola elifakwe ebhokisini kukhona abadlali abathathu abebengalivimba. Bekumele bamnqande angalifaki ibhola ebhokisini (uSimon Adingra).

“Sisazokhuluma ngokuthi kumele simelane kanjani nalezi zimo njengeqembu. Maningi amaphutha esiwenzile (kwigoli lesibili).

“Omabili amagoli angenile abethambile.”

Lo mqeqeshi ebuzwa ngabadlali abaqokile njengoba sigxekwa isinqumo sakhe sokuqalisa uHarry Maguire noMarcus Rashford, uthe abadlali abakhethayo yibona abasuke behamba phambili ukubadlula abanye. Uthe abadlali abafana noJadon Sancho, olekelele iBorussia Dortmund ifinyelele kwifinal yeChampions League ngesizini edlule, kumele bayilwele indawo yabo.