Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker uthi kuzophela maduze ukuqagela ngekusasa lika-Ismaila Toure njengoba sezisondele izinsuku zokuvalwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali e-Europe.
UToure ubengekho emidlalweni emibili yeCAF Confederation Cup benenebula iNsingizini Hotspurs ngo 7-0 uma sekuhlanganiswe imiphumela.
Lomdlali umataniswa namaqembu amakhulu aseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs okuvela ukuthi aseqale ukuxhumana ne-agent yakhe.
Ngesonto eledlule, uBarker watshela abezindaba ukuthi uToure ufunelwa iqembu phesheya kwezilwandle kwazise kuyisifiso sakhe ukuzibona edlala e-Europe.
UBarker uthi akamdlalisanga uToure kweyeCAF ngoba engafuni ukumxina.
“Ibucayi inkinga kaToure okwamanje, iwindi lase-Europs lizovalwa uma kuphela u-Agasti. Unesifiso sokuyodlala phesheya kwezilwandle, kusenzima ukumtholela iqembu njengamanje. Uzophoqeleka ukuthi aqhubeke neqembu uma kuvalwa iwindi engakahambi.
“Angisibonanga isidingo sokumdlalisa ngoba nezitha bezingaqinanga, bengisaba nokuthi ngizomxina ngoba usaphazamisekile emqondweni okwamanje. Ngikholwa ukuthi kuzocaca ngekusasa lakhe ngesonto elizayo,” kusho uBarker.
IStellies sesidayise uDeano Van Rooyen no-Iqraam Rayners abajoyine iPirates neMamelodi Sundowns ngokuhlukana.
Kubikwa ukuthi uFawaaz Basadien wafaka isicelo kwiStellies ecela ukuthi imdayisele iKaizer Chiefs emfuna uthuli.