Umqeqeshi weManchester United, u-Erik ten Hag, uthi unekusasa eliqhakazile e-Old Trafford uKobbie Mainoo oshaye into ecokeme esiswini bevithiza i-Everton ngo 3-0 kowePremier League ngeSonto.

UMainoo ubeqala umdlalo wakhe wokuqala kule sizini kwazise isizini iqale elimele. Abaningi bazokhumbula ukuthi lo mdlali bekuvele kulindeleke ukuthi ajwayele ukudla ijezi kule sizini ngemuva kwengcwenga yebhola ayelidlala kwi-pre season.

NgeSonto ukhombise abalandeli be-United ukuthi uphetheni, kanti umqeqeshi wakhe uthi abakaboni lutho.

“Uwumdlali okwazi ukwenza izinto eziningi. Ngaphoxeka kakhulu ngokulimala kwakhe kabuhlungu ingakaqali isizini.

“Kumsizile ukudlala, kwaphinde kwasiza neqembu ngoba ngiyazi sizodlala kangcono uma eqhubeka nokudlala.

“Abadlali abasebasha bakhula ngokushesha, ngibone kuyithuba elihle lokumfaka. Siwulungiselele kahle lo mdlalo naye wadlala kahle, kumele aqhubeke phezu kwalokhu asekuqalile.”

Ngemuva komdlalo ukapteni weqembu, uBruno Fernandes, uthe bekufanelwe anikezwe indondo yomdlali ovelele uMainoo, egcine inikezwe u-Alejandro Garnacho oshaye isiphihli segoli esiwombeni sokuqala.