Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker ukholwa ukuthi ukunqoba ngo 1-0 bebhekene naMaZulu FC kuzobanyusela ukuzethemba ngaphambi komdlalo weCarling Knockout neRichards Bay. 

Umdlalo owandulela owamanqamu phakathi uzobanjelwa eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo. 

IStellies sinqobe ngegoli lika-Anicet Alain elingene esiwombeni sokuqala. 

“Kunzima ukubuya namaphuzu amathathu, kuqhelile eKapa ngoba sihamba isikhathi eside. Abadlali bahlulekile ukumelana nesimo senkundla. 

Bekunzima ukunqoba emdlalweni, bekukhona izikhathi zokuvika ngoba besihlaselwa kakhulu. Bengibona kungenzeka abadlali bakhathale ngenxa yokuphelelwa umoya. 

Sithwala kanzima uma sizodlala naMaZulu. Sizobuya ngesonto elizayo njengoba sizodlala neRichards Bay. Sizophinde sibuye kowamanqamu uma sikwazi ukumelana nobunzima kwiBay. 

Kuyajabulisa ukunqoba, kuzobuyisa ukuzethemba ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo,” kuchaza uBarker ekhuluma nabezindaba. 

UBarker ubongele ezakhe ngokubuya namaphuzu amathathu yize bethwale kanzima. 

“Ngiyaziqhenya ngabadlali nokuzikhandla kwabo. Bazinikelile ezimeni ezinzima, baqhubeka nokulwa. Kufanele sikhombise ukuqina ngalendlela nasemidlalweni elandelayo. Ngichazekile ngebhola esilidlalile,” kuchaza uBarker.