Umqeqeshi weManchester United, u-Erik ten Hag, ukhuze umkhuba wokuqumuzwa kwebhola kubadlali bakhe beshaya iBournemouth ngo 3-0 izolo ebusuku.

I-United inqobe ngamagoli avalelwe wuCasemiro, Luke Shaw nelikaMarcus Rashford oseshaye amagoli ayisikhombisa kwiligi kule sizini.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uTen Hag uthe ezakhe azidlalanga kahle kodwa kumjabulisile ukubuya newini ne-cleansheet.

“Ngicabanga ukuthi okwamanje sidlala kahle emuva naphambili, kunesikhala esikhulu kwesikwenza phakathi nendawo, okuyinto esigqilazayo. Sigcine sesidlala itennis, angifuni ukudlalisa itennis mina, ngifuna sidlale ibhola.”

“Ngifuna sifunde ukugcina ibhola, siklwazi ukubona la esidinga ukuhlasela khona sifune igoli.”

UTen Hag uqhube wancoma abadlali ngokukhombisa ukuzethemba kulo mdlalo.

Umphumela wayizolo uqinise indawo ye-United kwi-log njengoba isishiya iTottenham ngamaphuzu amahlanu kunombolo 4.