Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uthi ukunqoba imidlalo enzima njengowayizolo bebhekene neSwallows FC yikho okuzobanqobisa isicoco seligi.
ISundowns inqobe ngo 2-0 ngamagoli avalelwe wuNeo Maema noThemba Zwane esiwombeni sesibili. Ompetha beDStv Premiership bathwale kanzima esiwombeni sokuqala iSwallows ipake amabhasi amabili phambi kwepali kodwa uphondo lugcine lugobile esiwomben sesibili.
Umdlalo uphele iSundowns iphethe u-79% we-possession.
“Besilindele ukuthi kube wumdlalo onzima. Kodwa ke iyona mdlalo ekunqobela izicoco le, ngijabule ngokuthi umdlalo sigcine siwunqobile,” kusho uRulani ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
URulani uthi wenze izinguquko nge-half time eshintsha izindawo abadlali abebedlala kuzo ukuze baxukuze iSwallows kancane bayiqaqe emuva.
“Indlela esidlale ngayo isibeke kwelinye izinga kodwa asikafinyeleli lapho engifuna sifike khona ngokwezinga. Sisangadlala kangcono.”
ISundowns isiphambili ngamaphuzu ayisikhombisa kwi-log yeDStv Premiership. NgoLwesihlanu izobhekana neRichards Bay FC esezithendeni zayo.