Umqeqeshi weMan United u-Erik ten Hag usamukele umkhaya wakhe ozoqeqesha iLiverpool, u-Arne Slot, kwiPremier League ngokupholisa izinkulumo zabathi ushaye umsebenzi osezingeni eliphezulu kwiFeyernoord.

Iqembu ebeliphekwa wuSlot liqede kunombolo 2 kwiEredivisie, lisale ngamaphuzu ayisikhombisa kwiPSV Eindhoven enqobe isicoco seligi.

Ebuzwa ngoSlot neqembu abelipheka uTen Hag ubeke kanje: “IFeyernoord ikwazile ukubamba umgqigqo, kodwa ibingekho ezingeni eliphezulu.

“IPSV Eindhoven ibingenhla ngamagiya amaboli uma sikhuluma ngakho konke. Uma sikhuluma ngokuphatha ibhola, ukufaka ingcendezi nokugijima, konje iPSV ibingenhla.

“IPSV ibingcono kunamanye amaqembu ngebanga elide, ngibala neFeyenoord kulawo maqembu.”

UTen Hag ukhuluma kanjena ngoSlot nje ukunqoba kwakhe iFA Cup ngempelasonto kuqinise indawo yakhe kwi-United obekubikwa ukuthi ihlela ukumxosha ngemuva kowamanqamu.