Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena usuphumele obala ngokwenza akhuhlise uGaston Sirino ibhentshi kuleli qembu.
USirino (33) kule sizini udlale imidlalo ewu-9 kuphela, kodwa wayeyingxenye enkulu yeqembu eladla i-African Football League ngasekuqaleni kwesizini.
Engxoxweni neSABC Sport uRulani uveze ukuthi kunzima ukusebenzisana nomdlali osephumele obala ngokufisa ukujoyina izimbangi zabo e-Africa.
“Kunzima ukusebenza nomuntu ongafuni ukuhlala. Umuntu osephumele obala ngesifiso sakhe…ngenze isibonela nje wafika efake ijezi le-Al Ahly kabili ngesikhathi sibhekene nayo – kabili, ekhaya nasekuhambeni,” kuchaza uRulani ebuzwa ngalo mdlali.
“Kuleli qembu kuningi engifuna ukukubona kubadlali ukuze iqembu libe sendaweni efanele.”
USirino ugcine ukuba sebhentshini leSundowns ngo-April 23 emdlalweni neSekhukhune United.