Umqeqeshi weManchester United uthi ulindele lukhulu kuKobbie Mainoo obanqobele umdlalo izolo beshaya iWolves ngo 4-3 sekuvalwe amehlo.

I-United ikhuphukele kunombolo 7 kwi-log yePremier League ngalo mphumela, ngaphambi komdlalo neWest Ham ngeSonto.

UMainoo (18) uvalele igoli esikhathini esengeziwe kade zibambene ngo 3-3, nakhona ngenxa yabadlali be-United abamoshe inqwaba yamathuba emdlalweni.

“Kuningi esisazokubona kuye,” kusho uTen Hag ekhuluma nabeSky Sports ngemuva komdlalo.

“Uyintwana ezilungele, ecabanga ngebhola kuphela. Ufuna ukukhula nsuku zonke. Uyisibonele esihle kwabanye, futhi usekukhombisile ukuthi unekhono enkundleni. Ikhono lihambisana nokuzikhandla, okuyinto ayenzayo.

UMainoo ubedlala umdlalow wakhe wesi- kule sizini, kanti kulindeleke ukuthi abe yingxenye yesikwati se-England kuma-Euro Championship ngenxa yendlela adlala ngayo kulezi nsuku.