Umqeqeshi weSekhukhune United uKaitano Tembo ubongele iqembu lakhe ngokubuya nephuzu libhekene neMamelodi Sundowns ePeter Mokaba Stadium namuhla.

IBabina Noko ibilandela ngemuva ngo 1-0 kuyiwa ekhefini, ngegoli elishaywe uPeter Shalulile.

ULinda Mntambo ushaye igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili.

Yize iSekhukhune sibuye ngamandla esiwombeni sesibili, uTembo ukholwa ukuthi bekufanele basebenzise amathuba abawathole esiwombeni sesibili.

“Ngiphoqelekile ukuthi ngigqugquzele abadlali ngesikhathi sisekhefini ngoba besingenawo umdlandla esiwombeni sokuqala.

Besilahla ibhola kalula, sihluleka nokudlala ibhola. Besilindele ukudlala uma sekuboza iSundowns, lokho kusibeke emuva,” kusho uTembo ekhuluma nabeSupersport TV.

UTembo ubone ushintsho olukhulu esiwombeni sesibili, ikakhulukazi ekuhlaseleni iSundowns.

“Sidlale ngesizathu esiwombeni sesibili, safaka umdlandla, saqinisa kakhulu uma sihlasela. Yingakho sishaye igoli ngomuzuz wokuqala sibuya ekhefini. Bekufanele siqhubeke nokufaka umdlandla.

Siqale ukubuyela emuva ngesikhathi sesishaye igoli lokulinganisa. Bekufanele sibabambe uma sifika ebhokisini labo kodwa ngiyalamukela iphuzu esilitholile ngoba besibhekene neqembu elisezingeni.

Besikwazi ukugcina ibhola kangcono, lokho kungijabulisile. Sisebenze kanzima singaliphethe ibhola, bengilindele ukuthi sithwale kanzima ukuze sizobuya nomphumela,” kubeka lomqeqeshi.