Isitobha seKaizer Chiefs uNjabulo Ngcobo udlulise umyalezo wokuxolisa kubalandeli beqembu ngesenzo sakhe sokugoloza ngesikhathi ekhishwa emdlalweni ngesizini edlule.

UNgcobo unqobe indondo yomdlali ovelele iChiefs ishaya iRichards Bay FC ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium izolo ebusuku.

UNgcobo waxabana nowayengumlolongi wonozinti uLee Baxter ngesikhathi ecasulwa ukuthi ukhishwe emdlalweni weGolden Arrows. Wanqaba ngokushaya isandla kumqeqeshi u-Arthur Zwane.

Ekhuluma nabeSupersport TV izolo, uNgcobo uphinde waxolisa kubalandeli beChiefs.

“Ngidlule esimeni ezinzima. Ngithanda ukubonga abalandeli beChiefs ngokungibekezelela yize ngabafaka ehlazweni, ikakhulukazi ngesizini eyedlule. Ngithanda ukixolisa ngalokho okwenzeka.

Akusikho ukuthi bengizibona ngingcono kakhulu kuneqembu, nami ngangenziwa isimo somdlalo. Ngiyathemba bazokwazi ukungixolela,” kubeka uNgcobo.

UNgcobo uphinde wakhuluma ngomdlalo abawunqobe yize beqede imizuzu engu-70 bengaphelele ngemuva kokukhishwa kukaYusuf Maart ngekhadi elibomvu.

“Sekunesikhathi eside ngingadlali. Amaphuzu amathathu siwathole ngoba besisebenzisana kahle. Besiphusha kakhulu yize besishods ngomdlali oyedwa.

Ngicabanga ukuthi semgikhule kakhulu ebholeni, ngifunde okuningi, ikakhulukazi kumqeqeshi u-Arthur. Kusekuningi okufanele ngikulungise. Ngibona lizosizakala kakhulu iqembu ngendlela engidlala ngayo,” kubeka uNgcobo.

IGlamour Boys izobhekana neCape Town City emdlalweni weligi olandelayo.