Ukaputeni weSekhukhune United uLinda Mntambo uthi inkulumo kamqeqeshi uKaitano Tembo iyona ebagqugquzele ukuthi bashintshe ukwenza esiwombeni sesibili bebhekene neMamelodi Sundowns.
UMntambo ushaye igoli lokulinganisa kungakapheli nomzuzu owodwa kubuywa ekhefini. Ugcine enqobe nendondo yomdlali ovelele emdlalweni.
UMntambo uthi uTembo obatshele ukuthi abayeke ukuhlonipha iSundowns, okuyiwe ekhefini iphethe umdlalo ngo-75%.
“Besiyihlonipha iSundowns esiwombeni sokuqala. Besiyihubha iSundowns, iphethe ibhola lonke.
Ngesikhathi sisemagumbini okushintshela, umqeqeshi usitshele ukuthi asiyeke ukusaba iSundowns, kufanele siyihlasele. Besidlala ekhaya, akukho obekuzosilahlekela. Sidlale kahle esiwombeni sesibili,” kubeka uMntambo ecashunwa abeSuperSport TV.
UMntambo uthi bayifakele ingcindezi iSundowns esiwombeni sesibili ukuze bezoyiphoqa ukuthi idlale ibhola emoyeni.
“Bekufanele sidlale kahle. Sifake ingcindezi sisebenzisa uTshegofatso Mabasa noVictor Letsoalo. Bekufanele siqinisekise ukuthi sibafakela ingcindezi, baphoqeleke ukuthi badlale ibhola emoyeni.
Lokho kusisebenzele. Sibuye ekhefini sayohlasela, sashaya igoli. Sidlale kahle kakhulu, abadlali bakhombise ukuqina ukhakhayi ikakhulukazi esiwombeni sesibili, siyakubonga lokho,” kubeka uMntambo.