Umdlali weNamibia uDeon Hotto uthi ucoshe amaqhinga ambalwa kumqeqeshi uPitso Mosimane ngaphambi kokunqoba umdlalo wabo wokuqala wamaqoqo bebhekene neTunisia.
UHotto uweze iNamibia kwelibanzi, eshaya igoli eliyinqobise ibhekene neTunisia emdlalweni wokuqala kuGroup E we-AFCON.
UHotto ufukuze umdlalo wonke, ehlasela ephindelela ophondweni lwesokunxele. Lomphumela ubeke iNamibia endaweni engcono njengoba isalelwe imidlalo emibili kuleliqoqo.
UHotto uchaze ngeqhinga alifunde kuMosimane.
“Ukunqoba kwethu kukhombisa ukuthi ukuzikhandla kuzama impumelelo. Ngifunde umbhalo kaPitso Mosimane ngeSonto. Ubhale ukuthi ibhola lihlanganisa amaqhinga, ukuhlela, ukuzikhandla nokuziphatha ngendlela efanele.
Kunzima ukuhlula iqembu elikuphethe konke okubalwe uMosimane. Sikhombisile ukuthi siyakwazi ukulwela iqembu.
Sisebenze siyimbumba, kwenzekile savivinywa kodwa sikwazile ukumelana nengcindezi. Sizofunda kulomdlalo, kuningi esizokuzuza siyiqembu,” kubeka uHotto ecashunwa abeCAF Online.
Umgadli weBlack Leopards uBethuel Muzeu ungene esiwombeni sesibili, waphasela uHotto ibhola alibhakuzise enethini.
“UBethuel Muzeu ubewazi umsebenzi wakhe ngoba besifundisana amabhola agotshiwe ejimini.
Ngimfundile ngesikhathi engena ngaphakathi nebhola, bengilindele ukuthi azame ukuligobela emuva ibhola.
ITunisia ijwayele ukuhlasela ngabadlali basemuva ezimpondweni, ishiye izikhala. Singene ngezikhala abazishiyile. Siyajabula ngomlando esiwuqophele iNamibia,” kubeka uHotto.
UHotto (33) useshaye amagoli alishumi emidlalweni engu-65 eqenjini lesizwe.