Umgadli weBafana Bafana uPercy Tau uthi unesifiso sokusiza iqembu lingene kwiNdebe yoMhlaba ngo-2026 ukuze kuzogqugquzeleka abadlali abasakhula ebholeni lakuleli.
UTau ungomunye wabadlali abathenjiwe kwiBafana ezodlala neBenin kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
INingizimu Afrika izolandela ngokuvakashela iRwanda eHuye Stadium ngoLwesibili.
Njengoba iBafana yagcina ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010 ingosokhaya, uTau uzimisele ngokufaka iNingizimu Afrika kulomqhudelwano ozosingathwa yi-USA, Mexico neCanada ngokuhlanganyela.
“Ngingajabula ngokusiza iqembu lingene kwiNdebe yoMhlaba ngoba lokho kungajabulisa isizwe nabadlali abasebancane.
Nabadlali abasebancane bangagqugquzeleka uma bebona izwe lidlala kwiNdebe yoMhlaba. Ukungena kwimiqhudelwano emikhulu kubalulekile ngoba kubuyisa ithemba kubadlali abancane,” kubeka uTau obekhuluma nabezindaba ePitoli.
UTau (29) uthi ukukhula ngokweminyaka kuyamgqugquzela ngoba sekusondele isikhathi sokubeka amakhokho emgibeni.
“Ukugqugquzeleka kuyakhula ngokuhamba kweminyaka ngoba usuke usubona ukuthi isikhathi siyakushiya. Kuningi okubalulekile manje ngoba nesikhathi sihambile,” kuchaza uTau.
UTau udalule ukuthi uyavumelana nomqeqeshi uHugo Broos ngecebo lokungaqinisi amandla ejimini ngoba kunabadlali abakhathele ukusondelana kwemidlalo.
“Kuwumqansa ngoba imidlalo izodinga umoya omningi. Sizonciphisa amandla ejimini ngoba akufuneki kukhathale abadlali,” kuchaza lomdlali.
IBafana iphoqeleke ukuba idedele abadlali abalimele uLebogang Mothiba weStrausborg SC kanye noThapelo Maseko noGrant Kekana beMamelodi Sundowns.
Izikhala zabo zivalwe abadlali be-Orlando Pirates ababili uTapelo Xoki no-Evidence Makgopa. U-Elias Mokwana weSekhukhune United u-Elias Mokwana ungomunye obiziwe esikwatini.