Umdlali oyisethenjwa seMamelodi Sundowns uMarcelo Allende uthi bebekulindele ukubona iWydad Casablanca izama amaqhinga okumosha isikhathi ngesikhathi lamaqembu etholana emlenzeni wesibili wamanqamu we-African Football League (AFL).
U-Allende uthi bekusezinhlelweni zabo ukubhakuzisa inethi esiwombeni sokuqala.
Amaqembu aseNorth Afrika anedumela lokumosha isikhathi, ikakhulukazi kwimiqhudelwano yeCAF. IWydad iqhubekile nokumosha isikhathi ePitoli, okuyinto ebicasula abeDowns.
U-Allende ukhulume noThabo Mosia weRadio 2000, wadalula ukuthi bekungathusi ukubona iWydad ichitha isikhathi ngamabomu.
“Besilindele ukuthi bamoshe isikhathi ngoba yinto abayijwayele. Siyazi ukuthi bamosha isikhathi, bazilalise enkundleni. Besihlele ukushaya igoli kungakayiwa ekhefini. Sithole inhlanhla yokushaya igoli ngesikhathi esifanele,” kuchaza u-Allende.
U-Allende uthi ukumoshwa kwesikhathi kuyiqhinga angalikhonzile kakhulu.
“Akulona ibhola elihle ukumosha isikhathi. Ibhola lingadlalwa ngezindlela ezahlukene, kodwa besikulindele abakwenzile.
Yingakho siqhubeke necebo lokushaya igoli esiwombeni sokuqala ukuze sizonyusa amathuba okunqoba. Besihlele siyiqembu yingakho kusijabulise kakhulu ukunqoba,” kuchaza u-Allende.