USihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi unesifiso sokubona umqeqeshi omusha weWydad AC uRulani Mokwena ecija iqembu lase-Europe eminyakeni ezayo.

USukazi ugcizelele ukuthi bonke abaqeqeshi kumele bahlome ngeziqu ukuze bezocija amaqembu akuleli. Ubeke umzekelo ngoFadlu Davids noRulani asebeyoqeqesha emaqenjini ahlonishwayo e-Afrika, wagqamisa ukuthi bahlome ngeziqu ezifanele.

USukazi uthi uRulani udinga ukwesekwa ngoba uzothwala kanzima kwiWydad engafani neMamelodi Sundowns abeyipheka ngesizini edlule.

“Ngifuna ukumbona eqeqesha e-Europe ngolunye usuku. Ngimbona enethalente futhi uzovulela abanye abaqeqeshi amathuba. Kufanele simeseke uRulani ngoba uzobhekana nomqansa eMorocco. 

“Angeke kumhambele kalula njengoba kwenzeke kwiSundowns. URulani ubekwazu ukuqonda abadlali baseNingizimu Afrika nezimo abaphila ngaphansi kwazo. Abadlali bakwamanye amazwe baphila enye impilo, ikakhulukazi abahlala emazweni aphesheya. 

“Kufanele afunde ukushintsha amaqhinga okuqeqesha nendlela azophatha ngayo abadlali. Angeke uthethise umdlali waseMorocco ngendlela efanayo njengoba ukhuluma nomdlali waseMzansi. URulani ungumqeqeshi ohlakaniphile esinaye ezweni, uzokwazi ukujwayela, asenze siziqhenye ngaye,” kubeka uSukazi ekhuluma nabezindaba eMbombela Stadium ngempelasonto.

USukazi ukushayela ihlombe ukubona abaqeqeshi bakuleli bethola amadlelo aluhlaza e-Afrika.

“UPitso (Mosimane) uphule amarekhodi, imisebenzi yakhe ibonakalile. Usenze saziqhenya ngaye. Ngibona ukuthi indlela isivulekile kubaqeqeshi bakuleli.

“Abaqeqeshi sebeyahlonishwa emazweni amaningi ase-Afrika, nokuyilapho amaqembu enabalandeli abaningi khona. Bayinqwaba abalandeli eMorocco nase-Egypt. Kufanele sibaxhase abaqeqeshi, siqhubeke nokukhiqiza abanye. Kufanele bahlome ngeziqu abaqeqeshi bethu ukuze bezothola amadlelo aluhlaza,” kubeka uSukazi.

URulani usayine inkontileka yeminyaka emibili kwiWydad Casablanca.