Umdlali we-Orlando Pirates uMakhehleni Makhaula uthi izinguquko ezenziwe yiMamelodi Sundowns ethimbeni labaqeqeshi angeke ziphendule amatafula zibeke iBucs ngaphezulu embangweni weligi ngesizini ka-2024/25.
ISundowns ixoshe uRulani Mokwena kwesokuqeqesha emasontweni, yabalula isizathu sokuthi uhlulwe ukunqoba iCAF Champions League ngesizini edlule.
Abafana Ba Style bazophekwa uManqoba Mngqithi elekelelwa uSteve Komphela, Romain Folz, Walter Robinson noKennedy Mweene.
UMakhaula uthi akayiboni iBucs iyizimfivilithi kwiligi ngoba iSundowns izobuyisa abaqeqeshi nabadlali abekade bekhona ngesizini ephelile.
“Izinguquko ezenzeka kwiSundowns azichazi ukuthi sizoba yizimfivilithi kwiligi. ISundowns isasebenzisa abadlali nabaqeqeshi esibaziyo.
“Iqembu alishintshile, kungenzeka basimangaze ngento ebesingayilindele. Akhona amanye amaqembu asembangweni weligi engizobala kuwo iRichards Bay, AmaZulu neKaizer Chiefs,” kubeka uMakhaula ecashunwa abeSABC Sport.
UMakhaula unyukelwa yithemba ngombango weligi njengoba echazwe abadlali abasha ekhempini yeqembu ebibanjelwe eSpain.
“Wonke umuntu ubeke iSundowns eqhulwini ngoba ijwayele ukunqoba iligi. Ngibona singalwazi ukubangisana neSundowns kwiligi. Sibathezile abadlali. Indlela esidlale ngayo eSpain ingikhuthazile, abadlali abasha sebejwayele.
“Ngibona sinesikwati esiqinile, sizokwazi ukulwela iligi. Kufanele sibheke umdlalo ngamunye,” kubeka uMakhaula emcimbini wokwethula kwejezi leBucs elisha.