USihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi ukhala ezimathonsi ngokuqolwa uBernard Yao Kouassi obafake enkingeni njengoba sebebhekene nesigwebo seFIFA sokungabasayinisi abadlali. 

USukazi uthi sebeziqalile izinhlelo zokukhokhela uKouassi imali ayifunayo ukuze sizophela lesigwebo.

IFIFA yagixabeza iGalaxy isigwebo sokungabasayinisi abadlali kuze kuphele amawindi amathathu ngemuva kokuyithola inecala lokungamkhokheli uKouassi osegijima kwiRivers United yaseNigeria.

UKouassi wayezojoyina iRockets ngoJanuary kepha wagcina engasayinanga ngenxa yezinkinga zokubhaliswa kwakhe.

“Igxathu elilandelayo ukukhokha lemali efunekayo, okuyinto esinganqeni ukuyenza. Okubuhlungu ukuthi siqoliwe, akhona amanye amaqembu aseke akhalaza ngento efanayo.

“Sesifundile ukuthi kunabadlali bakwamanye amazwe abasebenza ukuqola amaqembu. Banezindlela zokukhiphisa amaqembu imali. UKouassi wafika ngoJanuary 2023 ngesikhathi sithungatha umgadli, sasilindele ukuthi asisize kakhulu.

“Sakhuluma ngenkontileka yakhe, sambekela imibandela emibili. Lemibandela yayiphoqa ukuthi athole imvume yokusebenza nesitifiketi sokumkhulula i-International Clearance Certificate (ITC) eyayidingeka ngomhlaka 31 kuJanuary, okuwusuku lokuvalwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali kuPSL,” kuchaza uSukazi ecashunwa abeDiski Times.

USukazi uthi izinto zajika sebeqala ukubona ukuthi uKouassi akaveli kwi-system yeFIFA yokubhaliswa kwabadlali.

“Salandela imigudu efanele, sazama ukumtholela imvume yokusebenza sesixoxe nePSL. Sasizodlulisela udaba kwiSAFA ngendaba ye-ITC kodwa iPSL yanqaba ukuthatha amaphepha ingekho imvume yokusebenza. 

“Samtholela imvume yokusebenza ngomhlaka 25 kuJanuary, saqonda emahhovisini ePSL, eyalandela ngokuthumelela amaphepha kwiSAFA. Umdlali wasiveza isitifiketi sesizama ukuthola i-ITC. 

“Sangena kwi-system, sangamthola umdlali. Wayengabonakali nangokhalo. Ngamtshela ukuthi akatholakali kwi-system, akanginikanga impendulo ecacile. Lomdlali waveza esinye isitifiketi sekuzovalwa iwindi, esasiveza iqembu ayegcine ukulidlalela. Samhlohla ngemibuzo kodwa wahluleka ukusinikeza izinpendulo eziqondile ngoba wayengaveli kwiFIFA TMS. Ngokomthetho, inkontileka ayisayina ifana nento engasebenzi. 

USukazi uthi lesigwebo asikhombisi ubulungiswa kwazise bazama konke okusemandleni ukuze bezosayinisa uKouassi.

“Sacela ukuthi kubuyekezwe isinqumo. Sasizolinda noma kuzothatha isikhathi eside ngoba iPSL yayizovuma ukuthi simbhalise umdlali. Sekufanele silungise lenkinga ngokukhokha imali. Kufana nokuthi siyawulahla u-R1.8 million. 

“Siyawulahla u-R1.8 million. Angeneme ngesinqumo seFIFA. Ngibona ukuthi abazibukanga izinto esizithumele kubo. Sabachazela ngezinkinga esahlangabezana nazo kodwa abafunanga ukunaka lokho,” kukhala uSukazi.