Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt ukhala ngokukhonjwa indlela kwiKaizer Chiefs esedlale indima enkulu ekuyifakeni kowamanqamu weCAF Champions League ngo-2020.
UHunt wanikezwa izintambo kwiChiefs ngo-2020, ethwelwe ngeqoma lokuthi uzoqeda ngeshobolo lokungazinqobi izindebe.
Lomqeqeshi wayesenqobe iligi amahlandla amane epheka iSuperSport neBidvest Wits.
UHunt waxoshwa kwiGlamour Boys ngenxa yokufathuza kweqembu emidlalweni kwiligi. Amakhosi ayebukeka eyoshona ezembeni, nokwaphoqa ukuthi akhululwe lomqeqeshi yize wayesebeke iqembu kuma-semifinals eChampions League.
IChiefs yayigqilazwa isigwebo seFIFA esasiphoqa ukuthi ingabasayinisi abadlali kodwa uHunt wakwazi ukusebenzisa abanye abadlali benkulisa.
“Angeke ngiyikhohlwe iChiefs. Ngafaka iqembu kuma-semifinals (Champions League) kodwa ngaxoshwa. Angilitholanga ithuba lokuhola iqembu kowamanqamu, lokho kwangiphoxa. Ngizohlezi ngiyikhumbula leyonto kodwa impilo iyaqhubeka.
“Ngibhekene nenkinga yezezimali eqenjini engiliphekayo (SuperSport) uma kufanele kuhanjelwe amanye amazwe. Abakwazi ukuqasha izindiza ezisezingeni ezenza uhambo lungazweli, ikakhulukazi uma uzodlala eNorth Afrika imidlalo emithathu,” kuchaza uHunt.
Lomqeqeshi uveze ukudideka ngemithetho yeCAF eqondene nokugunyazwa kwezinkundla.
“Kukhona nenkinga yokuhlolwa kwezinkundla engaqondakali. ICAF kuyenzeka ingayigunyazi inkundla. Okudidayo ukuthi elinye iqembu liyavunyelwa ukusebenzisa iLucas Moripe, kwenzeka kanjani lokho?” kubuza uHunt.
Lomqeqeshi ubeke AmaTsatsantsa endaweni yesikhombisa kwiDStv Premiership ngesizini ka-2023/24. Iqembu lisale ngephuzu elilodwa kwiSekhukhune United ezodlala kwiCAF Confederations Cup ngoba iqede endaweni yesine.