Istobha seManchester City esesishaya into ecokeme esiswini, uJohn Stones, sithi siqala manje ukufunda ukudlala kule ndawo futhi kusaningi okusamele sikufunde.

UStones udlala uyibamba esiswini no-Rodri phambi kwezitobha ezintathu zeMan City okungu Akanji, Dias no-Ake.

Empeleni uStones noRodri bobabili bayakwazi ukwehla balakelele udonga lwasemuva uma behlaselwa, kodwa kuhlasela iCity umnyaka uqalwa yibo besuka nebhola emuva.

Emdlalweni wayizolo uStones ube wumdlali ovelele.

Echaza ngale ndawo entsha uStones uthi uyafunda nsuku zonke.

“Kuningi esengikufundile ngokuvela ezikhaleni, ukucabangela ozakwethu nokwazi ukuthi ngingabakhela kanjani izikhala.

“Akuyona into engivele ngavuka sengikwazi ukuyenza, ngiyafunda futhi ngiyazikhulisa eqenjini. Kumele ulifune ibhola, udlale ngendlela yakho kodwa futhi ukwazi nokufunda izimo okuzo nanoma yini oyicelwa wumqeqeshi.

UStones uqhube wathi ukufakwa kwakhe esiswini kukhombisa ukuthi umqeqeshi uyamthemba.