Umlingisi obedlala kwi-The Queen uSK Khoza usephinde waba sobishini emva kokusabalala kwe-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana ezithokozisa ngenanazi. 

Kule video engeke siyiveze ngenxa yobucayi bayo, uSK ubonakala ezijabulisa ngokocansi nowesimame ongabonakali, okuvela izinzipho ezibovu kuphela. UKhoza obesanda kutshela abalandeli bakhe ukuthi ulungisa impilo yakhe, ubevezile ubuso bakhe kule-video kucaca bha ukuthi uyena. 

Uke waba sematheni lomlingisi kusabalala i-video ezinkundleni zokhuxhumana elwa nomsebenzi wasendaweni yokudlela. Emuva kokukhathazeka kwabalandeli bakhe bebuza ukuthi kwenzakalani ngaye, uKhoza wabatshela ukuthi kuningi adlula kukho kodwa uyaluthola usizo lokwelashwa.

Ngemuva kokusabalala kwe-video eyikhotha, uSK ubhale ekhasini lakhe kwi-Instagram wathi ‘iyakhothwa’ – wacela abantu balandele ikhasi lakhe le-Only Fans.