Umculi uKelly Khumalo ushiye angalazi ngoyise wengane yakhe owadutshulwa washona kubo eVosloorus ngo-2014, uSenzo Meyiwa.
UKelly utshele i-eNCA izolo kwingxoxo ekhethekile abenayo nalesiteshi ukuthi abantu babengamazi uMeyiwa ngaphambi kokuthi aze ajole naye. UMeyiwa wayedlalela i-Orlando Pirates futhi ewukapteni weBafana Bafana ngesikhathi ebulawa kubo kwaKelly.
“NgangiwuKelly Khumalo ngaphambi kuka Senzo Meyiwa, mina ngangingamazi nokumazi ukuthi uwubani. Umngani wami uLucia Mthiyane owangitshela ukuthi uwubani. Abantu baze uMeyiwa ngoba esezihlanganise nami,” kuchaza uKelly.
Eqhuba uKelly uthe kwakungekho ayengakuzuza ngoMeyiwa ngisho kungabe bekuthiwa izinto zimhambela kahle noma ziyambhedela. Uphinde waveza ukuthi kwakuyisinqumo sikaMeyiwa ukushiya umfazi wakhe ukuze ajole naye.
Uthe abantu ababuke uhlelo lwakhe kuShowmax ukuze bathole ezinye izimpendulo ngokuthinta icala likaMeyiwa.
Uphinde wathi uzimisele ngokuvela enkantolo aveze uhlangothi lwakhe ngokwenzeka.
“Ubani ongeke alifuni ilanga lakhe eNkantolo?, Uyise wengane yami wabulawa, akekho okumfanele ukubulawa. Selokhu adutshulwa impilo yami nabasondelene nami isengozini,” kusho uKelly.
Uphinde waveza nokuthi impilo yommeli wakhe uMagdalene Moonsamy isengozini ngoba bonke bayasongelwa.