Umgadli weNamibia uPeter Shalulile usale ephoxekile ngamathuba ahluleke ukuwabeka enethini yize begcine benqobile emdlalweni we-AFCON bebhekene neTunisia ngoLwesibili. 

UShalulile ugeje amathuba ambalwa kulomdlalo, okuyinto engalindelwe kuye njengoba edume ngokuyibhakuzisa inethi kwiDSTV Premiership. Lomgadli uhlulwe ukubhakuzisa inethi esethole amathuba amathathu. 

“Ngibonga kuMdali nakozakwethu. Ngidlulisa ukubonga kubaqeqeshi, ijoka lokuba ukaputeni liyasinda impela. 

“Ukuhlulwa kweqembu bekuzokhonjwa kimi ngoba ngigeje amathuba ambalwa.  Ngibonga umusa kuMdali ongithwese ijoka lokuba ukaputeni. Lolusuku lukhulu kubantu baseNamibia, sijabule ngomlando esiwenzile. Sesizozicijela umdlalo olandelayo,” kubeka uShalulile ecashunwa abeDiski Times. 

Yize ejabule ngokunqoba, uShalulile uzibona esadinga ukuyolungisa ejimini ukuze kuzophela ukushweba. 

“Bekungelula ngoba iTunisia iwatholile amathuba. Kusize unozinti wethu obesefomini. Sizojeziswa ngolunye usuku. 

“Nathi siwatholile amathuba, yingakho ngichazele umqeqeshi ukuthi ngizolungisa amaphutha ejimini. Kufanele ngishaye amagoli njengomgadli. Ngihlulekile ukushaya amagoli yize ngiwatholile amathuba. Sizozama ukwenza kangcono emdlalweni olandelayo,” kuchaza uShalulile. 

INamibia izobhekana nomkhaya iBafana Bafana ngeSonto.