Yize iBafana Bafana iyiqale ngenothi eliphansi i-Africa Cup of Nations (AFCON), uSiphephelo Sithole ukholwa ukuthi ukunqoba umdlalo weNamibia kuzobanyusela amathuba okudlulela esigabeni somkhumulajezi.
IBafana ihlulwe ngo 2-0 emdlalweni wokuqala kuGroup E ngoLwesibili. Lomphumela ubeke iNingizimu Afrika engcupheni yokuwasha ijezi kulomqhudelwano uma ithola isibhaxu emdlalweni olandelayo.
IBafana inethuba lokulungisa izinto kuGroup E ngomdlalo womkhaya neNamibia ngeSonto.
INamibia ishaye izimfivilithi iTunisia ngo 1-0 ngoLwesibili, okuwumphumela othuse abaningi, washintsha nesimo kuleliqoqo eliholwa iMali esicongweni.
USithole ugcizelele isidingo sokubuya namaphuzu agcwele emdlalweni neNamibia. Lomdlali uthi iMali yabahlula ngamandla ngoLwesibili.
“Kufanele siwunqobe lomdlalo ukuze sizophefumula. Ukunqoba kuzosiza kakhulu. Kuyaphoqa siwunqobe umdlalo weNamibia ukuze sizonyukelwa amathuba okudlulela esigabeni esilandelayo.
Bekunzima emdlalweni ngoba iMali ibinolwazi ngezindawo esibuthaka kuzona. Umdlalo sawuphatha esiwombeni sokuqala.
Izinguquko ezenziwa iMali esiwombeni sesibili zaholela ekutheni badlale kangcono. Baqala ukusebenzisa amandla esiwombeni sesibili, bakwazi ukuphatha umdlalo,” kubeka uSithole.
Umdlalo weBafana neNamibia uzobanjelwa eStade Amadou Gon Coulibaly ngehora leshumi ebusuku.