Umgadli wase-Ivory Coast obexinwe wumdlavuza ngonyaka odlule, uSebastian Haller, useqalile ukuziqeqesha nozakwabo kwiBorussia Dortmund. Bese kudlule izinyanga eziyisithupha lo mdlali elashelwa umdlavuza wamankwahla.
UHaller wathola ukuthi unomdlavuza ngoJuly, kusadlule amasonto ejoyine iBVB esuka kwi-Ajax Amsterdam.
IDortmund ifake ivideo yakhe ememezela ukuthi usebuyile ezinkundleni zokuxhumana izolo.
A message from Seb 💛pic.twitter.com/RL7hy02rer
— Borussia Dortmund (@BlackYellow) January 2, 2023
IDortmund izobuyela enkundleni ngo-22 January ngemuva kwekhefu leWorld Cup nelikaDecember elithathwa minyaka yonke.