Abalandeli beBenfica bazwakalise ukungenami ngesinqumo somdlali wase-Argentina, u-Enzo Fernandez, oqoke ukuya kwelakubo ngempelasonto eziba umyalelo wabaphathi beqembu.
UFernandez, obe wumdlali omncane ovelele kwiNdebe yoMhlaba eQatar, ufunwa uthuli amaqembu amakhulu e-Europe okubalwa kuwo iChelsea okuthiwa izimisele ngokukhipha imali eshisiwe ukumthola. Amanye amaqembu amgaqele yiManchester United neReal Madrid.
U-Enzo ubekhona ngesikhathi iBenfica ixetshulwa yiBraga ngo 3-0 ngoLwesihlanu, kodwa waqoka ukubhekisa amabombo e-Argentina ngemuva komdlalo, okuyinto ayenze ngaphandle kwemvume.
Ubengekho nakuma-training session amabili ngoMsombuluko, okungaholela ekutheni ahlawuliswe yiBenfica.
Indlela aziphatha ngayo isimdalele amazinyo abashelelezi kubalandeli beBenfica abangazwani nomdlali ozimuncayo uma kuke kwavela ukuthi kunamaqembu amakhulu amgaqele.
Omunye umlandeli ubhale kanje: “phuma ungabe usabuya. Awukwazi ukudlalela iqembu elikhulu njengeBenfica.”
Omunye uthe “awukwazi ukubonga wena.”
Omunye uthe naye akasamfuni kwiBenfica ngoba ukhombise indelelo. “Ungaphinde uyidlalele iBenfica. Udelela iqembu elikufake kwiWorld Cup nakwiChampions Leagure.”