Seligcine ligcwale umoya kuJohn ‘Vuligate’ Maduka kwiMaritzburg United kulandela ukugqoza kwemphumela kwiTeam of Choice.

UMaduka ushiya iqembu liyibambe emsileni kunombolo 16, lisanqobe kabili kuphela emdlalweni ewu-13. Eqinisekisa ukuxoshwa kukaMaduka kwiSowetan usihlalo weqembu uFarook Kodadia uthe empeleni bese kunesikhathi befuna ukuyinqamula inkontileka kaMaduka kodwa bazama ukumbekezelela.

“Besingeke sisakwazi ukumnika eminye imidlalo. Lokho bekungeke kulisize iqembu. Bekuzoba buhlungu kakhulu. Ngakho sithathe lesi sinqumo ukuze sivikele iqembu.

“Kumele sithungathe umqeqeshi omusha. Ngenhlanhla ikhefu leFIFA lisinikeza isikhathi sokulungisa.

“Sisamatasana nama-interview. Ngeke ngithi umqeqeshi sekunguFadlu Davids noma usibani-bani. Sisaqhubeka nama-interview.”