Umhlaziyi weDiskiTV, uJnr Khanye, usegqugquzele iKaizer Chiefs ukuthi ixazulule isimo sikaNjabulo Blom ngokushesha ukuze ingazitholi isigileka ngokuthi asayine inkontileka yesibambiso nelinye iqembu.
Ngasekuqaleni kwale sizini i-agent kaBlom yaphumela obala ngokunganami kwalo mdlali ngemali ayiholayo kwiChiefs. Ngokwemibiko yakamuva iChiefs noBlom abakavumelani ngenkontileka entsha nakuba lo mdlali esekuvezile emdlalweni emningi ukuthi usezingeni eliphezulu.
Ekhuluma ngemuva komdlalo weChiefs ngempelasonto uKhanye ushiye umbono wakhe ngalokhu.
“UBlom waba nomdlalo oncomekayo esiswini. Ubelekelela nasemuva ikakhulukazi ohlangothini lukaS’fiso Hlanti. Kunzima ukukhula kwiChiefs uzakhele igama. Ingcindezi ihlezi iphezulu.
“UBlom usehlale isikhathi eside manje kwiChiefs, kuyangijabulisa ukubona izinga lakhe likhuphuka. Ngiyafisa ukuthi iqembu lixazulule isimo senkontileka yakhe ngokushesha kungaze kushaye isikhathi esizomvumela ukuthi asayine inkontileka yesibambiso nelinye iqembu. Umfana uselikhombisile izinga lakhe,” kusho uKhanye.
The best defensive midfielder in the PSL is none other than one Njabulo Blom. His reading of the game is without equal. I'm in awe of his talent… Smh… How a footballer at just 22 can be this mature and pure is astounding! Peerless 🙌👏👌 pic.twitter.com/nLzYxK4Ad8
— Mpangazitha | Ntombela | Malandela (@MathewsNtanzi) October 29, 2022
Pocketed both Saleng & Monyane on the wing & neutralised Ndlondlo in midfield. Ladies & Gentleman I present to you my Man of the Match: Njabulo Blom 🙌 #SowetoDerby #KaizerChiefs pic.twitter.com/6FMjGoOPrz
— Thulasizwe Nkomo (@ThulasizweNkomo) October 29, 2022