Londiwe Mthethwa
Umlingisi weSkeem Saam, uNompilo Mwelase, usegcine exolisile ngokuba luhlaza nokungabaphathi kahle abalingisi abasafufusa ababezokwenza inhlolokhono eBat Center, eThekwini ngoJanuary.
UNompilo washiya abaningi bekhala ngemuva kwenhlolokhono yeBlack Brain Pictures, kaMandla N, abanye bethi abatholanga ngisho ithuba lokuveza ikhono labo njengoba wayevele athi ‘next please’ besangena.
Echaza ngalolu suku uthe akazi wayengenwe yini.
“Angazi kwenzekani ngosuku lwenhlolokhono kodwa kunento eyashintsha, engingakwazi nokuyichaza. Ngalesiya sikhathi ngangizitshela ukuthi ngenza ‘okulungele mina’ ukuze ngiqede umsebenzi, ngakhohlwa yinto eyodwa…ewukuthi ngisebenza nabantu abanemizwa, abadlula ezimeni eziningi futhi abanye kubathathe isibindi sabo sokugcina ukuze bafike kwinhlolokhono,” kuchaza yena.
Uqhube wathi ngesikhathi ebheke lokhu okwakunelisa yena, wakhohlwa ukuba nesineke walandela intando yakhe wakhohlwa ukuthi uthunywe wuMdali.
“Bengingafuni ukuba mude, ngihlushwe umoya ongasavumi ukuthi ngiqhubeke engathi akwenzekanga lutho kube kunabantu abakhala egameni lami.”
Uthi ubengafuni ukusheshe axolise isashisa indaba ngoba ebufuna ukuxolisa kwakhe kuvele enhlizweni.
“Kubobonke ababekhona kwinhlolokhono eThekwini, abazizwa bengaphathekile kahle ngenxa yami, ngiyaxolisa. Ngangilwi nani futhi angisoze. Ubuhlungu enabuzwa ngiyabazi futhi kubuhlungu ukuthi ngithi ngibazi ngiphinde ngibe umuntu onidlulise kubo. Sengifundile ukwenza kangcono uma ngikhuluma nabantu, ikakhulukazi nokulungisa ubuso bami [ukungahlini], ukubekezela nokungabi neconsi uma ngenza umsebenzi wami.”
USimthande Myeza ongusomahlaya odume ngelika MakaThangthini ungomunye wabalingisi abakhala ngempatho kaNompilo. Uphawulile kumbhalo wakhe wathi: “Siyakuxolela. Kusho lukhulu ngawe lokhu. Ayidlule indaba. Ngikufisela okuhle kodwa.”