‘Abahambe abahambayo, sizosala siyincenga’ – ubhale kanje uMusa Mseleku ekhasini lakhe ku-Instagram efake isithombe abaningi abakholwa wukuthi siveza inkosikazi yakhe yesihlanu osekuneminyaka esibikela ngayo.

Ngokombhalo weMzansi Magic, ngathi uzokwethulwa namhlanje untombo wesihlanu.

Sekuneminyaka uMseleku ekhuluma ngokulanda omunye umfazi, okubukeka kumdalele amazinyo abushelelezi kubafazi bakhe. Ngathi uzogcina ethuliwe namhlanje untombo osekunesikhathi ephefumilisa abanye ngamapayipi njengoba iningi lizwakalise ukungenami ngomfazi omusha.

Ekhasini lakhe ku-Instagram uMseleku ekuqaleni kwale nyanga ufake isithombe sakhe nentokazi eseceleni kwakhe kulesi esingenhla, sihambisan nombhalo othi: “abahambe abahambayo, sizosala siyincenga” – okuyisiqubulo esivame ukusetshenziswa abantu abaduba abahambayo.

Okwamanje akekho umfazi kaMseleku osekumenyezeliwe ukuthi uzomshiya, kodwa bakhona asebeke basabisa ukuthi bazoshiya uma kufika owesihlanu.