Usethushuke kwiMaritzburg United owayengumdlali we-Orlando Pirates neGolden Arrows, uWayde Jooste. Bese kunesikhathi uJooste ethungatha iqembu elisha ngemuva kokudedelwa yiPirates ekupheleni kwesizini edlule.

UJooste (31) uhlale amasonto eziqeqesha neSuperSport United kodwa kwagcina kungalunganga ngenxa yenkinga ‘yezimali’. Ngemuva kwalokho ulibangise eMphithi lapho abeziqeqesha khona ngethemba lokuchaza umqeqeshi omusha weqembu, uFadlu Davids.

NgoLwesine ekuseni iTeam of Choice igcine ikuqinisekisile ukuthi usengowayo lo mdlali.