Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, usephumele obala wathi akaqondi ukuthi badliwa kanjani kuma-semifinal eMTN8 bebhekene ne-Orlando Pirates.
UMokwena uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weSundowns nePirates kusasa ngo-15:30 ntambama.
“Sadlala kahle kakhulu kwiCarling Black Label sibhekene nabo, senza izinto ezihlukile kuwo, kwakuphoqa ngenxa yomdlalo esadliwa kuwo ePolokwane, ne-draw eyalandela e-Orlando Stadium (kwi-MTN8),” kusho uRulani.
“Ngayibuka kwi-video le midlalo, namanje angiqondi ukuthi sadliwa kanjani kwi-MTN8 emlenzeni wokuqala nakumlenze wesibili. Kodwa futhi ngiyaqonda, nabadlali sabakhombisa ama-video clips sibakhombisa amaphutha esingafuni ukuwaphinda” kusho lo mqeqeshi.
Uthe ikhefu leFIFA World Cup libanikeze ithuba lokuwulungiselela kahle umdlalo nePirates, uthi bahlaziye imidlalo emningi yePirates, ebala neSoweto Derby, ngokunjalo neyabo ukuze babone izinto abadinga ukuzilungisa.
Khonamanjalo, uRulani uthe umgadli uPeter Shalulile, obelimele, uzobe ekulungele ukudlala kusasa.