Sizomfaka enkingeni umqeqeshi weBafana Bafana isitobha se-Orlando Pirates, uThabiso Sesane (24) osebeke abadlali ababili beqembu lesizwe ebhentshini kweZimnyama.

Abadlali abanamava futhi abavame ukubizwa wuHugo Broos eqenjini lesizwe uNkosinathi Sibisi (28) no-Innocent Maela (32) beqiwa yijezi ngenxa kaSesane oyibambe no-Olisa Ndah.

USesane useyidlale yonke imidlalo yeBucs kule sizini njengoba esedlale kweyokuhlungela iCAF Champions League nakweyeMTN8. NgoLwesithathu ebusuku uphinde wadlala ngesikhathi iBucs ibambana neCape Town City ngo 1-1.

Kuphele isizini edlule uSesane esecelwa ebakhombisa abadlali abakhulile eqenjini ukuthi ufuna ukwenza eyakhe indawo yesamuva. Uqale imidlalo ewu-6 kulandelana sekuyophela isizini ngesizini edlule.

Ngesikhathi ebizwa ngokuqaliswa kwalo mdlali esebuyile ekulimaleni uNdah ngesizini edlule uJose Riveiro waveza ukuthi lo mdlali ukhombisa ukuba sezingeni elifanele ukuqala imidlalo, waveza nokuthi wamazisa ukuthi kufanele aqhubuke azimisele ngoba usazoshuba umbango wejezi.

Ngesonto eledlule uBroos wamemezela abadlali azokhetha kubo isikwati seBafana Bafana ngaphambi kwemidlalo engoSeptember. Kwabesimuva uSibisi ukhona, ngokunjalo noGrant Kekana, Given Msimango noSiyabonga Ngezana. Kuzocaca maduze ukuthi lo mdlali akagcini yini ezibekisela indawo naseqinjini lesizwe.