Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usechaze kabanzi ngezizathu ezimenze waqoka uRushwin Dortley esikwatini yize esizodlala kweyokuhlungela i-AFCON. 

UDortley ungomunye wabadlali abangu-23 ababizelwe esikwatini seBafana esizobhekana ne-Uganda neSouth Sudan emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (AFCON). 

UDortley (22) uthwelwe ngeqoma eNingizimu Afrika kulandela ukusayina kwakhe neKaizer Chiefs ngenyanga edlule. Lomdlali wayebambe ibhande eqenjini lesizwe eladlala kwiCOSAFA Cup nonyaka.

UBroos uthi ukhethe uDortley ngoba uyisitobha esikhahlela ngonyawo lwesokunxele. 

“Besicinga isitobha esikhahlela ngonyawo lwesokunxele. UMothobi (Mvala) uyakwazi ukuqala ibhola emuva kodwa ubuye ezithole esenkingeni ngoba ukhahlela ngonyawo lwesokudla.

“ICOSAFA ibaluleke kakhulu, amaqembu akuPSL kufanele ayiqondisise. Sekuphele iminyaka emithathu sizama ukuqinisa abadlali abasebancane ngeCOSAFA Cup. Inkinga esibhekana nayo ukuthi amaqembu ayagoloza ukudayisa abadlali,” kusho uBroos ekhuluma kuSABC 1 eqeda ukumemezela isikwati sakhe. 

UBroos ucele amaqembu ukuthi angayibukeli phansi iCOSAFA Cup ngoba isondeza abadlali eqenjini lesizwe. 

“ICOSAFA ayiwona umqhudelwano omkhulu kodwa inikeza abadlali isipiliyoni sokudlalela iqembu lesizwe. Kunabadlali asebebizwa kwiBafana Bafana noma beshoda ngesipiliyoni. 

“Siyakwazi ukubona kulomqhudelwano ukuthi umdlali uselunge kangakanani, uDortley simhlunge kanjalo. Wazimisela kwiCOSAFA, uyisitobha ekhahlela ngonyawo lwesokunxele. Bekufanele ngimbize. 

“Udlale imidlalo emine kwiCOSAFA. Yingakho ngifuna isikwati seCOSAFA sibunjwe ngabadlali abasebancane, lokho kuzosiza iqembu,” kubeka uBroos.

IBafana izokwamukela i-Uganda e-Orlando Stadium ngomhlaka 6 kuSepthemba. Izovala ngomdlalo neSouth Sudan ngomhlaka 10 kuSepthemba.