Oyisikhulu esiphezulu kwiSekhukhune United uJonas Malatji ulindele ukuthi aqhubeke nokudlala e-Emirates Airline Park ukaputeni weqembu uYusuf Maart njengoba amaqembu amfunayo engayikhiphi imali efunwa yiqembu.
UMaart ufunwa uthuli iKaizer Chiefs.
Ekhuluma nephephandaba iSowetan, uMalatji uthe angeke bamdayise ukaputeni wabo ngoba namaqembu amfunayo abeka imali engagculisi.
“UYusuf akayindawo. Khumbula ukuthi ISekhukhune akulona iqembu elidayisayo. Kufanele ukhokhe imali engiyifunayo uma umdinga ngempela umdlali wami. Angifuni iqembu elithembisa ukukhokha uhhafu.
Akhona amaqembu asekhulume nami ebuza ngoMaart kodwa angeke ngiwadalule ngamagama. Bangibekele ushintshi uma ngiqhathanisa nemali engiyifuna ngoMaart,” kusho uMalatji.
UMalatji uphinde waqinisekisa ukuthi uDenwin Farmer oyisitobha usesayinile. Uveze nokuthi bazomemezela abadlali abasha ezinsukwini ezilandelayo. IBabina Noko iqede kunombolo 11 kwiligi njengoba ibingomakoti.
UMalatji uthi bazolwela iTop 8 ngesizini ka-2022/23.
“UFarmer usengumdlali wethu, lokho ngiyakuqinisekisa. Abanye bazomenyezelwa uma sekufike isikhathi esifanele. Amahebezi ahlezi ekhona, lindani kancane. Sizolwela ukuqeda kwiTop 8 ngesizini ezayo. Kuzodingeka siqinise isikwati ukuze sizokwazi ukulwela iTop 8,” kubeka uMalatji.
Umphathi weSekhukhune uyiphikile indaba yokuthi umgadli uJusin Shonga usechithiwe eqenjini. UMalatji uthi basazohlangana noShonga bekhulume ngendlela eya phambili.
UShonga ushaye amagoli amabili emidlalweni elishumi kwiligi, njengoba wayesayine inkontileka yezinyanga eziyisithupha ngoJanuary.
“Akulona iqiniso ukuthi uShonga useshiyile. Sizobamba umhlangano naye kulelisonto, sibone ukuthi sixoxa kanjani naye. Abantu abayeke ukufafaza amanga bengabuzanga eqenjini,” kubeka uMalatji.