Asikaguquki isimo sika-Andile Jali (33) osathungatha iqembu kulandela ukuxoshwa kwiMoroka Swallows kule sizini, kanti sekuvela ukuthi usecabanga nokuliyeka ibhola.

UJali wangena ohlwini lwabadlali abaxoshwa kwiDube Birds kulandela isiteleka sabadlali ngoDecember esaholela ekutheni iSwallows ijeziswe ngokuhluleka ukudlala neMamelodi Sundowns neGolden Arrows.

I-agent kaJali, uMike Makaab, iqale yamncengela kwiSwallows kodwa sekuyacaca manje ukuthi kazihambanga kahle izingxoxo phakathi kwabo nabaphathi bayo.

“U-Andile njengamanje usabacabanga ngekusasa lakhe, usadla amathambo engqondo ngokuthi uyaqhubeka noma uyayeka. Ngizohlangana naye cishe emasontweni amabili alandelayo, angazise ngesinqumo sakhe kodwa uyena ozosimemezela,” kusho uMakaab ohlelweni i-Extratime kwiGagasi FM.

“Kumele niqonde ukuthi u-Andile sengisebenze naye iminyaka ewu-14, akalona nje ikhasimende kodwa umuntu engimthatha njengendodana. Okubalulekile manje ukuthi athathe isinqumo ngekusasa lakhe.”