Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uzishaye isifuba ngeqembu lakhe elinenebule iLa Masia ngo 6-1 kwiNedbank Cup ngoLwesibili.
ISundowns ibizicanasela kwiLa Masia njengoba kuyiwe ekhefini isihamba phambili ngo 4-1 eDobsonville Stadium.
UGaston Sirino ubhakuzise inethi kathathu, amanye amagoli ashaywa uLebogang Maboe, Matias Esquivel noTerrence Mashego.
URulani udalule ukuthi iDowns ibihluke kakhulu uma eyiqhathanisa neqembu eladlala i-draw ne-Orlando Pirates ngempelasonto.
“Ngibongela iMamelodi Sundowns ngokudlulela emzuliswaneni olandelayo, ngijabule ngebhola engilibonile. Ngikubonile ebengifisa sikhuphule kukho.
Abadlali abangene besuka ebhentshini bashaye into ecokeme, ngiyaziqhenya ngeqembu.
Ngidlulisa namazwi okuzwelana neLa Masia ngoba ikhombise ukuqeqesheka okusezingeni, yadlala ibhola elihle. Ngiyalibongela iqembu likaDaine Klate, banesitayela esihle sokudlala.
Kubi ngoba bahluliwe namuhla. Kodwa iqembu labo lidlala ibhola elihle. Ngicabanga ukuthi bazoqhubeka nesizini encomekayo kwiligi yabo,” kuchaza uRulani ekhuluma nabeSuperSport TV.
ISundowns iqalise abadlali abaningi abalizwa ngendaba ijezi, obekukhona kubo uMaboe, Sirino, Lunga noMendieta.
“Kufanele sizame ukubadlalisa bonke abadlali ngoba isizini isiyogoqwa. Ngichazekile ngoba bonke abadlali baphakamise izinga, bangawenza namaphutha emdlalweni.
Siwenzile amaphutha ambalwa, lokho ngikulindele. Ngichazwe ukungasabi kwethu esiwombeni sesibili, besikwazi ukuphasa ibhola, singanaki isimo senkundla.
UZungu ungene wasiqinisa esiswini, uLorch ukhande igoli esanda kungena. ULebo Maboe ubefanelelwe indondo yomdlali ovelele, uGaston ubesezingeni lakhe, washaya namagoli amathathu. Lihle ibhola esilidlale namuhla, ngiyalibongela iqembu,” kuchaza uRulani.